Mina ngingowokuthula nothembekile kwa-Israyeli. Kungani ufuna ukubhubhisa umuzi ongunina ka-Israyeli na? Yini ufune ukudla ifa likaSimakade na?”
2 Samuweli 21:3 - IsiZulu 2020 UDavide wathi kwabaseGibheyoni: “Yini enginganenzela yona, futhi ngingenza kanjani ukuba sithelelane amanzi ukuze nilibusise ifa likaSimakade na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni: “Nginenzele ntoni na? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho uDavida wathi kwabaseGibeyoni: Ngizalenzelani? ngiyakwenza ukubuyisana ngani, ukuze nibusise ifa likaJehova na? |
Mina ngingowokuthula nothembekile kwa-Israyeli. Kungani ufuna ukubhubhisa umuzi ongunina ka-Israyeli na? Yini ufune ukudla ifa likaSimakade na?”
Ngakusasa uMose wathi kubantu: “Nenze isono esikhulu. Kepha manje ngizakukhuphukela kuSimakade, hleze ngikwazi ukunihlawulela isono senu.”
Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana.
Ulwandle lwaya ngokuya ludlanga. Amatilosi ambuza athi: “Senzenjani ngawe ukuze ulwandle luthule na?”
Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi, akukho ukuthethelelwa.
Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.
Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’