Inkosi yayisibuya, yafika eJordani, uJuda wafika eGiligali ukuzohlangabeza inkosi, nokuba ayiwelise iJordani.
2 Samuweli 20:2 - IsiZulu 2020 Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka, ababe besamlandela uDavide, base belandela uSheba, indodana kaBhikhiri. Abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kufike eJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abantu bakwa-Israyeli base benyuka bengasamlandeli uDavide, bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema. Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka besuka kuDavide, balandela uSheba indodana kaBigi; kepha abantu bakwaJuda banamathela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema. |
Inkosi yayisibuya, yafika eJordani, uJuda wafika eGiligali ukuzohlangabeza inkosi, nokuba ayiwelise iJordani.
Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”
Akusiyo inhloso yami leyo. Kepha indoda yakwelezintaba kwa-Efrayimi, egama layo nguSheba, indodana kaBhikhiri, ivukele inkosi uDavide; nginikeni yona kuphela ukuze ngihambe ngiwushiye umuzi.” Owesifazane wathi kuJowabe: “Uyabona-ke, ikhanda lakhe lizophonswa kuwe ngaphandle kogange.”
UDavide wafika esigodlweni sakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abalishumi, abayizancinza zayo, eyayibashiyile ukuba banakekele isigodlo, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayilalanga nabo. Bavalelwa kwaze kwaba lusuku lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.
Kwathi lapho u-Israyeli wonke esezwile ukuthi uJerobhowamu ubuyile, bathumela bambizela enhlanganweni, base bembeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke. Kwakungekho muntu omunye owalandela indlu kaDavide, ngaphandle kwesizwana sakwaJuda kuphela.
Kepha uRehobhowamu wabusa phezu kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababakhe emizini yakwaJuda.
Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.
Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.
Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.