UJakobe ezibona, wathi kuzo: “Leli yibutho likaNkulunkulu.” Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiMahanayimu.
2 Samuweli 2:8 - IsiZulu 2020 U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi, Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi kaSawule, wathatha u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamyisa eMahanayimi; |
UJakobe ezibona, wathi kuzo: “Leli yibutho likaNkulunkulu.” Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiMahanayimu.
UJakobe wathumela izithunywa ukuba zimendulele ziye kumnewabo u-Esawu, owayeseSeyiri, kwa-Edomi,
UDavide wahamba waze wafika eMahanayimi, kodwa u-Absalomu nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bawela iJordani.
U-Abhineri nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, badabula e-Araba, bawela iJordani, basidabula sonke isifunda iBhithroni, baze bayofinyelela eMahanayimi.
Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.”
Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufe umholi nomuntu omkhulu kwa-Israyeli namuhla na?
Ngesikhathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri wayekhulisa amandla akhe endlini kaSawule.
Kwabozalo lukaBhenjamini, abafowabo bakaSawule, kwakuyizi-3 000, ngokuba kuze kube namuhla iningi labo lisathembekile endlini kaSawule.
Kwabozalo kuka-Efrayimi kwakuyizi-20 800, amaqhawe anamandla, amadoda ayenegama ezindlini zokhokho bawo.
UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba no-Eshi Bhali.
UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba, no-Eshi Bhali.
Esizwaneni sakwaGadi bathola: iRamothi kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, iMahanayimi namadlelo alo,
Igama lomkaSawule ngu-Ahinohama, indodakazi ka-Ahimazi. Umkhuzi wempi yakhe kungu-Abhineri, indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.
Ngesikhathi uSawule embona uDavide ephumela ukuyohlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abhineri, umkhuzi wempi: “Abhineri, uyindodana kabani lo mfana?” U-Abhineri wathi: “Ngifunga ngiyagomela, angimazi.”
UDavide wamemeza abantu no-Abhineri, indodana kaNeri, wathi kubo: “Abhineri, awusabeli ngani na?” U-Abhineri waphendula wathi: “Ungubani wena omemeza inkosi na?”