2 Samuweli 17:3 - IsiZulu 2020 Ngiyakubabuyisa kuwe bonke abantu. Uma ubulala oyedwa nje lo omfunayo, bonke abantu bayakuba nokuthula.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngibuyisele kuwe bonke abantu; umuntu omfunayo unjengokungathi bonke babuyile; bonke abantu bayakuba nokuthula.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakubabuyisela kuwe bonke abantu; umuntu omfunayo unjengokungathi bonke babuyile; ngakho bonke abantu bazakuba nokuthula. |
U-Abhineri wathi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqa wonke u-Israyeli eze enkosini yami, inkosi, ukuze enze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke njengalokhu kufisa inhliziyo yakho.” UDavide wamkhulula u-Abhineri, wahamba ngokuthula.
Belaphile ukuphoqoka kwabantu bami ngokuyekethisa, bethi: ‘Ukuthula, ukuthula,’ kepha kungekho ukuthula.
Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.