Amabutho aseleyo wawashiya esandleni sika-Abhishayi, umfowabo, wawathuma ukuba ayokulwa nabakwa-Amoni.
2 Samuweli 10:9 - IsiZulu 2020 UJowabe wabona ukuthi izimpondo zempi zimzungeze nxazonke, wakhetha amabutho kuwo wonke ayekhethwe kwa-Israyeli, wawathuma ukuba ayokulwa nama-Aramu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uJowabe esebona ukuthi izimpondo zempi zimhaqile ngaphambili nangasemuva wakhetha kwabakhethekileyo bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu; Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uJowabe ebona ukuthi impi yayiphambi kwakhe ngaphambili nangasemuva, wakhetha kubo bonke abakhethiweyo bakwa-Israyeli, wabahlela ngokumelene nama-Aramu. |
Amabutho aseleyo wawashiya esandleni sika-Abhishayi, umfowabo, wawathuma ukuba ayokulwa nabakwa-Amoni.
Abakwa-Amoni baphuma, bahlela impi esikhaleni sesango; ama-Aramu aseZobha naseRehobhe, namadoda aseThobhi, nawaseMahakha babebodwa endle.
UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”
Lapho abakwaJuda bebheka emuva; bheka, kwakukhona amabutho phambi kwabo nasemuva kwabo. Bakhala kuSimakade, abaphristi bashaya amacilongo.