Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 Samuweli 10:4 - IsiZulu 2020

UHanuni wazibamba izinceku zikaDavide, wazigunda ingxenye yezilevu zazo, wahhephuna izingubo zazo kwaze kwaba sezinqeni, wayesezikhomba indlela.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waphucula inxenye yezilevu zazo, wahina izingubo zazo phakathi kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngakho uHanuni wabamba izinceku zikaDavide, waphucula ingxenye yesilevu sazo, wasika izingubo zazo phakathi kwaze kwafika ezinqeni zazo, wazimukisa.

Uka jalj uñjjattʼäta



2 Samuweli 10:4
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho bembikela uDavide ngalokho, wathumela ukuba zihlangatshezwe, ngokuba lawo madoda ayehliswe isithunzi kakhulu. Yathi inkosi: “Hlalani eJerikho, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”


Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.


Inkosi yase-Asiriya iyobahambisa benqunu abathunjwa baseGibhithe, nabaxoshiweyo baseKhushe: abadala nabancane, izinqe ziyoba sobala, kube yihlazo eGibhithe.


kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.


“ ‘Aniyukudilinga amakhanda enu emaceleni; awuyukona isilevu sakho emaceleni.