Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.
2 Samuweli 1:8 - IsiZulu 2020 “Wathi kimi: ‘Ungubani na?’ “Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Wathi kimi: ‘Wena ungubani na?’ Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Yasisithi kimi: Ungubani? Ngathi kuye: “NgingumAmaleki.” |
Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.
UDavide wathi ensizweni eyambikelayo: “Ungowaphi, na?” Yamphendula yathi: “Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.”
“Wathi kimi: ‘Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngiphethwe yisiyezi, nakuba ngisaphila.’
UBhileyamu wabona u-Amaleki, wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “U-Amaleki wayengowokuqala ezizweni, kodwa isiphetho sakhe ngukubhujiswa.”
Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”
UDavide nabantu bakhe bakhuphuka, bayohlasela amaGeshuri, amaGirizi, nama-Amaleki, ababehlala eTheleme ngendlela eya eShuri kuya eGibhithe.
Kwathi ngosuku lwesithathu lapho uDavide nabantu bakhe befika eZikilagi, bathola ukuthi ama-Amaleki ayehlasele eNegevu naseZikilagi, alinqoba, alishisa ngomlilo.
UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi?” Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibhithe, inceku yomAmaleki, kodwa inkosi yami yangishiya, ngokuba ngase nginezinsuku ezintathu ngigula.
UDavide wababulala kusukela ekushoneni kwelanga kwaze kwahlwa ngakusasa, akuphunyukanga muntu kubo ngaphandle kwezinsizwa ezingama-400 ezagibela amakameli, zabaleka.