Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.
2 Samuweli 1:3 - IsiZulu 2020 UDavide wathi kuyo: “Uvela kuphi na?” Yathi kuye: “Ngiphunyuke enkanjini yakwa-Israyeli.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu* lakwa-Israyeli.” Contemporary Zulu Bible 2024 UDavida wasesithi kuye: Uvela ngaphi? Wathi kuye: “Ngiphunyukile ekamu lika-Israyeli.” |
Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.
UDavide wathi kuyo: “Bekuhamba kanjani? Ake ungitshele.” Yaphendula yathi: “Abantu babalekile empini, futhi abaningi bafile; uSawule noJonathani, indodana yakhe, nabo bafile.”
Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: “Uvelaphi, Gehazi?” Wathi: “Inceku yakho ayiyanga ndawo.”
UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi?” Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibhithe, inceku yomAmaleki, kodwa inkosi yami yangishiya, ngokuba ngase nginezinsuku ezintathu ngigula.