Yawaguqisa amakameli ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi, kwaze kwaba kusihlwa ngesikhathi okuphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.
1 Samuweli 9:11 - IsiZulu 2020 Besakhuphuka ummango bephikelele emzini bahlangana namantombazane eyokukha amanzi, bathi kuwo: “Ukhona yini umboni na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eyakukha amanzi; bathi kuwo: “Umboni ukhona na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi bekhuphuka intaba beya emzini, bafumana amantombazane aphuma ukuyokha amanzi, athi kuwo: “Umboni ukhona na?” |
Yawaguqisa amakameli ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi, kwaze kwaba kusihlwa ngesikhathi okuphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.
Ithe ingakaqedi ukuthandaza, kwafika uRibheka etshethe imbiza, wayezalwa nguBhethuweli indodana kaMilkha, umkaNahori, umfowabo ka-Abhrahama.
Bathi: “Asikwazi ukwenza lokho, ize imihlambi iphelele yonke, kugingqwe itshe emlonyeni womthombo, bese siyaziphuzisa izimvu.”
Esakhuluma nabo uJakobe, kwafika uRaheli nezimvu zikayise, ngokuba nguyena owayezelusa.
Kwakukhona umphristi kwaMidiyani owayenamadodakazi ayisikhombisa; eza ezokukha amanzi, ukuba agcwalise imikhombe ukuze imfuyo kayise iphuze.
Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo, ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,
Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.
USawule wayesethi encekwini yakhe: “Lihle izwi lakho, woza sihambe.” Baya emzini lapho kwakukhona umuntu kaNkulunkulu.