U-Abhineri wakhuluma namalunga akwa-Israyeli, wathi: “Ngesikhathi esidlulileyo benifuna ukuba uDavide abe yinkosi yenu, anibuse.
1 Samuweli 8:4 - IsiZulu 2020 Kwase kubuthana wonke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwabuthana onke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama; Contemporary Zulu Bible 2024 Abuthana onke amadoda amadala akwa-Israyeli, eza kuSamuweli eRama. |
U-Abhineri wakhuluma namalunga akwa-Israyeli, wathi: “Ngesikhathi esidlulileyo benifuna ukuba uDavide abe yinkosi yenu, anibuse.
Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.
USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kuSimakade, wena, no-Aroni, noNadabi, no-Abhihu, namalunga angama-70 akwa-Israyeli; nikhothame ningikhonze nisekude.
“Hamba uqoqe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘USimakade, uNkulunkulu wokhokho benu, uNkulunkulu ka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe uzibonakalisile kimi, wathi: “Ngikubonile konke okwenziwa kini eGibhithe,
Bavuka ekuseni kakhulu bakhuleka phambi kukaSimakade, base bebuyela emuva endlini yabo eRama. U-Elikhana walala nomkakhe, uSimakade wamkhumbula uHana.
Amalunga aseJabeshi athi kuye: “Ake usiyeke izinsuku eziyisikhombisa, ukuze sithumele izithunywa kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli; uma kungekho ozosihlenga, siyozinikela kuwe.”
USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.