Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 4:9 - IsiZulu 2020

Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuze ningabi yizigqila zamaHebheru, njengoba ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuba ningabi yizigqila zamaHeberu, njengalokho ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Qinani, nime njengamadoda, nina maFilisti, ukuze ningawakhonzi amaHeberu njengalokho ekhonza kini;

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 4:9
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Qina, masisebenzise amandla ethu ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle emehlweni akhe.”


Izizwe ziyobathumba, zibayise endaweni yazo; indlu ka-Israyeli iyozidla lezo zizwe, zibe yifa layo, zibe yizinceku nezincekukazi ezweni likaSimakade; iyobathumba labo ababekade beyithumbile, ibuse phezu kwabacindezeli bayo.


Maye, kuwe mbhubhisi ongakaze wena ubhujiswe, nakuwe mkhohlisi ongakaze yena akhohliswe! Uma nje sewuqedile ukubhubhisa, nawe uzobhujiswa; nalapho uyeke nje ukukhohlisa, nawe abantu bazokukhohlisa.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla.


Ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni samaFilisti, nasesandleni sabakwa-Amoni,


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40.


Nalawo maHebheru ayekade eseqembukele kumaFilisti nawo akhuphukela enkanjini ayizungeza nxazonke, ayeseba nabakwa-Israyeli ababenoSawule noJonathani.


Maye kithi! Ngubani oyosihlenga esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yibo labo nkulunkulu abashaya abaseGibhithe ngalo lonke ubhubhane ehlane.