Nokho bamlinga, bamhlubuka uNkulunkulu oPhezukonke, abaze babugcina ubufakazi bakhe.
1 Samuweli 4:11 - IsiZulu 2020 Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa, kwathi amadodana amabili ka-Eli, uHofini noFinehasi, abulawa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa; amadodana omabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abulawa. Contemporary Zulu Bible 2024 Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abulawa. |
Nokho bamlinga, bamhlubuka uNkulunkulu oPhezukonke, abaze babugcina ubufakazi bakhe.
Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.
“ ‘Kepha ake nihambe niye endaweni yami eShilo, lapho ngaqala khona ukubeka iGama lami, nibone engakwenza kuyo ngenxa yobubi babantu bami, u-Israyeli.
Uyabona-ke, ziyeza izinsuku engiyakunquma ngazo amandla akho namandla endlu kayihlo ukuze kungabi bikho ngwevu endlini yakho,
futhi uyakukubona ukuhlupheka kwendlu yami. Nakuba konke okuhle kuyakwenzelwa u-Israyeli, kodwa akuyukuba bikho ngwevu endlini yakho, kuze kube phakade.
“ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, uHofini noFinehasi; ngalusuku lunye, bayakufa bobabili.
Ngalolo lusuku ngiyakumehlisela u-Eli konke engamtshela ngakho mayelana nendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
Umntwana wamqamba wathi ngu-Ikhabhodi, ethi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli,” ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa yokufa kukayisezala nomyeni wakhe.