Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu, ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi ukuthi nginguSimakade owenza umusa, ubulungiswa nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngalezi zinto,” kusho uSimakade.
1 Samuweli 3:7 - IsiZulu 2020 USamuweli wayengakamazi uSimakade, nezwi likaSimakade lalingakembuleki kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uSamuweli wayengakamazi uJehova, nezwi likaJehova lalingakambulelwa kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 USamuweli wayengakamazi uJehova, nezwi likaJehova lalingakambulelwa kuye. |
Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu, ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi ukuthi nginguSimakade owenza umusa, ubulungiswa nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngalezi zinto,” kusho uSimakade.
wathi kubo: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwa na?” Kepha bathi kuye: “Qha, asikaze sizwe nakuzwa ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.”
Lapho ngisenguntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngacabangisa okomntwana, futhi ngazindlisa okomntwana. Kepha lapho sengiyindoda, ngakuyeka ukwenza okobuntwana.
USimakade wabuye wambiza futhi uSamuweli. USamuweli wavuka waya ku-Eli, wathi: “Ngilapha njengoba ungibizile.” U-Eli wathi: “Angikubizanga, ndodana yami, phindela emuva uyolala.”
USimakade wabuye wambiza uSamuweli okwesithathu. USamuweli wavuka waya ku-Eli, wathi: “Ngilapha, njengoba ungibizile.” U-Eli wayeseqonda ukuthi nguSimakade obiza umntwana.