Uyise wayengakaze amkhuze nakanye, athi: “Ukwenzeleni lokhu na?” U-Adoniya wayemuhle kakhulu, elama u-Absalomu.
1 Samuweli 3:13 - IsiZulu 2020 Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo, lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngenxa yobubi abaziyo; ngoba amadodana akhe ayebaklolodela, kodwa kabavimbanga. |
Uyise wayengakaze amkhuze nakanye, athi: “Ukwenzeleni lokhu na?” U-Adoniya wayemuhle kakhulu, elama u-Absalomu.
Inkosi yabuye yathi kuShimeyi: “Wena ukwazi kahle konke okubi okusenhliziyweni yakho owakwenza kuDavide, ubaba, ngakho-ke uSimakade uyakuphindisela ububi bakho phezu kwakho.
Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”
Uswazi nokusola kunika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyakuhlaza unina.
“Ngakho-ke ngiyakunehlulela nina ndlu ka-Israyeli, yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, kusho iNkosi uSimakade. Buyani, phendukani, eziphambekweni zenu zonke, ukuze ububi bungabi yisikhubekiso kini.
Manje, ukuphela sekuphezu kwakho; ngiyakuthumela ulaka lwami kuwe, ngikwehlulele njengezindlela zakho, ngiphindisele kuwe zonke izinengiso zakho.
“Mabazivuse izizwe, mazikhuphukele esigodini sikaJehoshafathi, ngokuba ngiyakuhlala lapho ngehlulele zonke izizwe ezilapho nxazonke.
“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;
Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.
“Uma umuntu enendodana enenkani, ehluphayo, engalilaleli izwi likayise noma elikanina, engalaleli noma beyiyala,
Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.
Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.