Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe nawo wonke amaKherethi, nawo wonke amaPhelethi, nawo wonke amaGithi, abantu abangama-600, ababeyilandela besuka eGathi, bedlula phambi kwenkosi.
1 Samuweli 27:4 - IsiZulu 2020 Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGathi; akabe esamfuna futhi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGati; akabe esamfuna futhi. Contemporary Zulu Bible 2024 USawule watshelwa ukuthi uDavide ubalekele eGati, wayengasamfuni. |
Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe nawo wonke amaKherethi, nawo wonke amaPhelethi, nawo wonke amaGithi, abantu abangama-600, ababeyilandela besuka eGathi, bedlula phambi kwenkosi.
USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami, Davide, ngokuba angizukukulimaza futhi, njengoba ukuphila kwami kube yigugu emehlweni akho namuhla; ngenzise okwesiwula, ngidukile kakhulu.”
UDavide wahlala no-Akhishi eGathi, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nabendlu yakhe, uDavide nomkakhe ababili, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili waseKharimeli, umkaNabali.
UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?”