Lapho uJothamu etshelwa ngalokho, wahamba wayoma esicongweni sentaba iGerizimu, wakhala, wamemeza kakhulu, wathi kuzo: “Ngilaleleni, nina zakhamuzi zaseShekhemi, ukuze uNkulunkulu anilalele nani.
1 Samuweli 26:13 - IsiZulu 2020 UDavide wayesewelela ngaphesheya, wema esicongweni sentaba ekude, washiya isikhala esikhulu phakathi kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wayesewelela phesheya, wema esiqongweni sentaba ekude, isikhala esikhulu siphakathi kwabo. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wayesewelela ngaphesheya, wema esiqongweni sentaba kude; isikhala esikhulu phakathi kwabo: |
Lapho uJothamu etshelwa ngalokho, wahamba wayoma esicongweni sentaba iGerizimu, wakhala, wamemeza kakhulu, wathi kuzo: “Ngilaleleni, nina zakhamuzi zaseShekhemi, ukuze uNkulunkulu anilalele nani.
UDavide naye wasuka kamuva, waphuma emgedeni, wammemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama wathi mbo ngobuso, wakhuleka.
UDavide wayesewuthatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba. Ababonwanga muntu, akekho owayazi ngalokho, futhi akuvukanga muntu, ngokuba bonke babezunywe ngubuthongo obunzulu obabuvela kuSimakade.
UDavide wamemeza abantu no-Abhineri, indodana kaNeri, wathi kubo: “Abhineri, awusabeli ngani na?” U-Abhineri waphendula wathi: “Ungubani wena omemeza inkosi na?”