1 Samuweli 24:3 - IsiZulu 2020 Wafika ezibayeni zezimvu ezaziseceleni kwendlela, kwakukhona umgede lapho; uSawule waphambukela khona ukuba ayozembesa izinyawo. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva phakathi emgedeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kwakukhona khona umhume; uSawule wangena ukumboza izinyawo zakhe, kepha uDavide nabantu bakhe bahlala ezinhlangothini zomhume. |
Esehambile u-Ehudi, izinceku zangena, lapho zithola ukuthi iminyango yekamelo eliphezulu ihluthulelwe, zathi: “Mhlawumbe inkosi iyazikhulula ekamelweni layo elipholile.”
waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.
USawule wasuka wehlela ehlane eZifi ukuyofuna uDavide ehlane, ehamba nabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizi-3 000.
USawule wakanisa entabeni iHakhila engaphambi kwehlane, ngasendleleni. UDavide wahlala ehlane, nokho wabona ukuthi uSawule uyamlandela lapho ehlane.