Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 2:34 - IsiZulu 2020

“ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, uHofini noFinehasi; ngalusuku lunye, bayakufa bobabili.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, oHofini noFinehasi; ngalusuku lunye bayakufa bobabili.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe esiyakwehlela amadodana akho omabili, phezu kukaHofini noFinehasi; ngelinye ilanga bayofa bobabili.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 2:34
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabanika isibonakaliso ngalolo lusuku, wathi: “Nasi isibonakaliso uSimakade asishoyo, uthi: i-athare liyakudatshulwa, kuthi umlotha ophezu kwalo uchithwe.”


“Ngakho-ke suka uye endlini yakho; uyothi lapho unyathela nje ngezinyawo zakho emzini, umntwana afe.


Lokhu kuyisibonakaliso kini: Niyakufumana umntwana esongiwe, elele emkhombeni.”


Kuyakuthi lapho zonke lezo zinto usuzibonile, uyokwenza konke isandla sakho esikufumanayo, ngokuba uNkulunkulu unawe.


Kepha umuntu engingayukumsusa e-althare lami phambi kwakho, yilowo oyoletha izinyembezi aze afiphazeke amehlo akho, noyogcwalisa umphefumulo wakho ngosizi. Bonke abendlu yakho bayakufa sebengamadoda.


Ngalolo lusuku ngiyakumehlisela u-Eli konke engamtshela ngakho mayelana nendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.


Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa, kwathi amadodana amabili ka-Eli, uHofini noFinehasi, abulawa.


Owayelethe umbiko waphendula, wathi: “U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti futhi kubulawe abantu abaningi. Kufe namadodana akho omabili, uHofini noFinehasi, umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”


Umntwana wamqamba wathi ngu-Ikhabhodi, ethi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli,” ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa yokufa kukayisezala nomyeni wakhe.


Wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”