Uyise wayengakaze amkhuze nakanye, athi: “Ukwenzeleni lokhu na?” U-Adoniya wayemuhle kakhulu, elama u-Absalomu.
1 Samuweli 2:23 - IsiZulu 2020 Wathi kuwo: “Nizenzeleni izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa ngemisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kuwo: “Nenzelani izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa imisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: “Nenzelani izinto ezinjalo na?” Ngoba ngiyezwa ngezenzo zakho ezimbi phakathi kwabo bonke lababantu. |
Uyise wayengakaze amkhuze nakanye, athi: “Ukwenzeleni lokhu na?” U-Adoniya wayemuhle kakhulu, elama u-Absalomu.
Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.
Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.
Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.
bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho,
Wawela phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawula, Sawula, ungihluphelani na?”
Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.
U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana.
Qha, madodana ami, akusiwo umbiko omuhle engiwuzwa ukhulunywa ngabantu bakaSimakade ngani.