USimakade wamhambela uSara njengoba ayekade eshilo, wamenzela lokho ayemethembise khona.
1 Samuweli 2:21 - IsiZulu 2020 USimakade wamhambela uHana, wakhulelwa wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wamhambela uHana, wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova. |
USimakade wamhambela uSara njengoba ayekade eshilo, wamenzela lokho ayemethembise khona.
Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.
“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabahlenga.
Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.
Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.
Owesifazane wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSamsoni. Umfana wakhula, uSimakade wambusisa.