Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 2:13 - IsiZulu 2020

Kwakungumthetho wabaphristi kubantu ukuba nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yomphristi inyama isabila, iphethe imfologo ngesandla,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwakungumthetho wabapristi kubantu ukuba, nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yompristi inyama isabila, iphethe ngesandla ingwegwe emazinyo mathathu,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Umkhuba wabapristi phakathi kwabantu wawuwukuthi, lapho umuntu enikela ngomhlatshelo, kwafika inceku yompristi inyama isabila, iphethe ikona lenyama elinamazinyo amathathu esandleni sayo;

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 2:13
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kimi: “Nansi-ke indawo lapho abaphristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, futhi babhakele lapho umnikelo wokusanhlamvu, ukuze bangawukhipheli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”


ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekukhiphayo imfologo, umphristi akuthathe kube ngokwakhe. Benza kanjalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona.


U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israyeli, yabantu bami na?’