Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yabhubhisa amahhashi nezinqola zempi, yabulala ama-Aramu amaningi kakhulu.
1 Samuweli 19:8 - IsiZulu 2020 Kwaphinde kwaqubuka impi, uDavide waphuma wayokulwa namaFilisti, wabulala amaningi; asindayo acela empunzini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwabuye kwaba khona impi futhi; uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawaceka ngokuceka okukhulu; ambalekela. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwabuye kwaba khona impi, uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawabulala ngokuceka okukhulu; bambalekela. |
Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yabhubhisa amahhashi nezinqola zempi, yabulala ama-Aramu amaningi kakhulu.
Noma impi ingakanisa imelane nami, inhliziyo yami ayiyukwesaba, ngisho impi ingangivukela, nokho ngiyoba neqholo.
Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.
UJonathani wambiza uDavide wamtshela konke okwakushiwo nguyise. UJonathani waletha uDavide kuSawule, wamsebenzela njengakuqala.
Umoya omubi owawuvela kuSimakade wehlela kuSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto ngesandla; uDavide wayebetha ihabhu ngesandla.
UDavide namabutho akhe baya eKheyila, balwa namaFilisti, badla izinkomo zawo, bawashaya bawaqothula. Wayesezihlenga uDavide izakhamuzi zaseKheyila.