Wabulala nowaseGibhithe owayebukeka. Lona waseGibhithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kodwa uBhenaya wabhekana naye ephethe induku nje. Wawuhlwitha umkhonto esandleni somGibhithe, wambulala ngawo umkhonto wakhe.
1 Samuweli 17:4 - IsiZulu 2020 Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwaphuma iqhawe ekamu lamaFilisti, igama likaGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nobubanzi besandla. |
Wabulala nowaseGibhithe owayebukeka. Lona waseGibhithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kodwa uBhenaya wabhekana naye ephethe induku nje. Wawuhlwitha umkhonto esandleni somGibhithe, wambulala ngawo umkhonto wakhe.
“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.
Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.
Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labakwa-Israyeli; kwasala kuphela ingxenye eGaza, eGathi, nase-Ashidodi.
Kepha esakhuluma nabo; bheka, kwenyuka isikhondlakhondla somFilisti waseGathi, uGoliyathi igama laso, saphuma ezinhleni zamaFilisti, saphinda wona lawo mazwi; uDavide wawezwa.
AmaFilisti ayemi kwenye intaba, no-Israyeli emi kwenye, kukhona isigodi phakathi kwabo.
Wayefake isigqokosivikeli sethusi ekhanda, egqoke ibhantshi lensimbi. Isisindo sebhantshi sasingamashekeli ethusi ayizi-5 000.