U-Absalomu wahamba namadoda angama-200 ayemenyiwe evela eJerusalema; ayehamba emsulwa engazi lutho.
1 Samuweli 16:3 - IsiZulu 2020 Umeme uJese eze emhlatshelweni; Mina ngiyokwazisa ukuthi kufanele wenzeni. Uyongigcobela lowo engiyakumusho kuwe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mbize uJese ekuhlabeni; ngiyakukwazisa ukuthi uyakwenzani: uyakungigcobela lowo engiyakumusho kuwe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ubizele uJese emhlatshelweni, mina-ke ngizakutshengisa ofanele ukwenze; futhi kumelwe ungigcobele lowo engikubizele yena. |
U-Absalomu wahamba namadoda angama-200 ayemenyiwe evela eJerusalema; ayehamba emsulwa engazi lutho.
UZadoki, umphristi noNathani, umphrofethi bayakumgcoba lapho uSolomoni ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’
Wonke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebhroni. UDavide wenza nawo isivumelwano eHebhroni, phambi kukaSimakade. Amgcoba uDavide waba yinkosi kwa-Israyeli, njengokusho kwezwi likaSimakade ngomlomo kaSamuweli.
Uyokhuluma naye, umtshele amazwi azowakhuluma ngomlomo wakhe, ngizokuba semlonyeni wakho nakowakhe, nginifundise enizokwenza.
“Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”