Ngakho-ke uPotifari wakubeka konke ayenakho esandleni sikaJosefa, akabe esazihlupha ngalutho, ngaphandle kokudla okwakufanele akudle. UJosefa wayeyigeza, enesiqu, ebukeka kahle.
1 Samuweli 16:12 - IsiZulu 2020 Wathumela, wamlanda, wamngenisa. Wayebomvana, enamehlo amahle, ebukeka kahle. USimakade wathi: “Phakama umgcobe ngokuba nguye lona.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle, emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: “Suka umgcobe, ngokuba lona nguye.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wathumela wamngenisa. Wayebomvu, emuhle ngokubukeka, emuhle ngokubukeka. Wayesethi uJehova: “Vuka, umgcobe, ngokuba nguye.” |
Ngakho-ke uPotifari wakubeka konke ayenakho esandleni sikaJosefa, akabe esazihlupha ngalutho, ngaphandle kokudla okwakufanele akudle. UJosefa wayeyigeza, enesiqu, ebukeka kahle.
Lawa ngamazwi kaDavide okugcina. “Amazwi okugcina kaDavide, indodana kaJese, umuntu owaphakanyiswa nguNkulunkulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu ka-Jakobe, nomhlabeleli wezingoma ezimnandi kwa-Israyeli, uthi:
“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli.
UZadoki, umphristi noNathani, umphrofethi bayakumgcoba lapho uSolomoni ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’
Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:
Wakhulelwa lowo wesifazane wazala indodana; kwathi lapho eyibona ukuthi yinhle, wayifihla izinyanga ezintathu.
Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu, uyakhanga phakathi kweshumi lezinkulungwane.
Amanaziri akithi ayemhlophe kunongqoqwane, emhlophe ukwedlula ubisi. Imizimba yawo yondlekile, isimo sawo sikhazimula njengesafire.
“Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo,
“Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose; wayethandeka kuNkulunkulu. Wondliwa endlini yakwabo izinyanga ezintathu.
Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.
Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”
UmFilisti wabuka, wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka.
Ngesikhathi uSawule embona uDavide ephumela ukuyohlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abhineri, umkhuzi wempi: “Abhineri, uyindodana kabani lo mfana?” U-Abhineri wathi: “Ngifunga ngiyagomela, angimazi.”
USamuweli esembonile uSawule, uSimakade wathi kuye: “Nangu-ke umuntu engikhulume ngaye kuwe, ngathi: ‘Lo uyakubusa abantu bami.’ ”