Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 15:1 - IsiZulu 2020

USamuweli wathi kuSawule: “USimakade wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi, ubuse abantu bakhe u-Israyeli. Ngakho-ke ake ulalele amazwi kaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

USamuweli wathi kuSawule: “UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

USamuweli wathi kuSawule: “UJehova ungithumile ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; manje lalela izwi lamazwi kaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 15:1
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi u-Elisha: “Zwanini izwi likaSimakade; usho kanje uSimakade, uthi: ‘Kusasa ngalesi sikhathi, iseya lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli, namaseya amabili ebhali, ngeshekeli, esangweni eSamariya.’ ”


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


Uma nimesaba uSimakade nimkhonza, nilalela izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni somlomo kaSimakade, nina nenkosi yenu enibusayo, nilandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nenza kahle.


USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade,


USimakade wayemambulele ngayizolo uSamuweli, engakafiki uSawule, wathi:


“Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”