Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.
1 Samuweli 12:12 - IsiZulu 2020 “Kuthe lapho nibona uNahashi, inkosi yabakwa-Amoni, eza ukuzonihlasela, nathi kimi: ‘Qha, kepha nathi masibuswe yinkosi,’ naphezu kokuba uSimakade uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho nibona ukuthi uNahashi, inkosi yabantwana bakwa-Amoni, uyeza ukulwa nani, nathi kimi: ‘Qha; kepha inkosi iyakusibusa, lapho uJehova uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu. |
Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.
Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.
Kwathi ukuba bonke abaJuda ababekwaMowabi, kwa-Amoni, kwa-Edomi, nakuwo wonke amanye amazwe, sebezwile ukuthi inkosi yaseBhabhele iyishiyile insali kwaJuda, nokuthi ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi wabo,
Iphi inkosi yakho manje ukuze ikusindise kuyo yonke imizi yakho, na? Baphi abaholi bakho, wena owathi ngabo: “Nginike inkosi nabaholi” na?
Akayibonanga inhlekelele engehlela uJakobe, akabonanga nankathazo kwa-Israyeli. USimakade uNkulunkulu wabo unabo, inhlokomo yenkosi yabo iphakathi kwabo.
UGideyoni wathi kubo: “Angizukunibusa, nendodana yami ayizukunibusa; nguSimakade ozonibusa.”
kodwa namhlanje niyivukele indlu kababa, nabulala amadodana akhe, angama-70 etsheni elilodwa, nabeka u-Abhimelekhi, indodana yowesifazane oyisigqila, ukuba abe yinkosi phezu kwezakhamuzi eShekhemi, ngoba nje eyisihlobo senu,
Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”
Amadodana akhe awahambanga ngezindlela zakhe, aphambukela enzuzweni embi, agwazelwa, ahlanekezela ubulungiswa.