1 Samuweli 12:10 - IsiZulu 2020 Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Base bebiza uJehova, bathi: “Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kepha manje usikhulule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza. |
Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.
nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.
Abakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sayokhonza oBhali.”
Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.
Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.
Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.
Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.
Kusukela osukwini umphongolo owahlala ngalo eKiriyathi Jeharimi, kwedlula isikhathi eside, iminyaka engama-20. Yonke indlu yakwa-Israyeli yakhala kuSimakade.
Ngakho-ke abakwa-Israyeli babuthana eMizpha. Bakha amanzi, bawathulula phambi kukaSimakade, bazila, bathi: “Sonile kuSimakade.” USamuweli wabehlulela abantu bakwa-Israyeli eMizpha.