UJowabe walethula enkosini inani nomumo wabantu ababebaliwe: kwa-Israyeli kwakunamadoda ayizi-800 000 anamandla ayehlome ngenkemba. KwaJuda kunamadoda ayizi-500 000.
1 Samuweli 11:8 - IsiZulu 2020 Wabahlela eBhezeki; abakwa-Israyeli babeyizi-300 000; abakwaJuda beyizi-30 000. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wababala eBezeki; abantwana bakwa-Israyeli babe yizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nabantu bakwaJuda babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu. Contemporary Zulu Bible 2024 Wababala eBezeki, abantwana bakwa-Israyeli babe yizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, namadoda akwaJuda ayeyizinkulungwane ezingamashumi amathathu. |
UJowabe walethula enkosini inani nomumo wabantu ababebaliwe: kwa-Israyeli kwakunamadoda ayizi-800 000 anamandla ayehlome ngenkemba. KwaJuda kunamadoda ayizi-500 000.
Inkosi uJehoramu yahlanganisa wonke u-Israyeli ngalolo lusuku, yaphuma eSamariya.
Abaholi babo bonke abantu, bazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, babekhona emhlanganweni wabantu bakaNkulunkulu, amabutho ahamba ngezinyawo ephethe izikhali ayeyizi-400 000.
Bathi ezithunyweni ezazifike kubo: “Niyothi kubantu baseJabheshi Gileyadi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele, niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika zabatshela abantu baseJabheshi; bathokoza.
USamuweli wayesesuka wakhuphuka eGiligali, waya eGibheya kwaBhenjamini. USawule wabala abantu ababesasele naye, babecishe babe ngama-600.
USawule wabiza abantu wababuthela eThelayimi; babeyizi-200 000 zemigundatshani nezi-10 000 zabantu bakwaJuda.