Athi kubo: “Asikwazi ukwenza into efana naleyo, yokuthatha udadewethu simendise kumuntu ongasokile, onejwabu. Lokho kuyihlazo kithi.
1 Samuweli 11:2 - IsiZulu 2020 UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngizosenza nani isivumelwano ngokuba nonke nikhiphe amehlo enu akwesokudla, lokho ngiyakukubeka kube yihlazo kuwo wonke u-Israyeli.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube yihlazo kuye wonke u-Israyeli.” Contemporary Zulu Bible 2024 UNahashi wakwa-Amoni waphendula wathi kubo: “Ngalokho ngiyakwenza isivumelwano nani, ukuze ngikhiphe wonke amehlo enu okunene, ngiwabeke phezu kuka-Israyeli wonke abe yihlazo. |
Athi kubo: “Asikwazi ukwenza into efana naleyo, yokuthatha udadewethu simendise kumuntu ongasokile, onejwabu. Lokho kuyihlazo kithi.
“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba isho kanje inkosi yase-Asiriya, ithi: ‘Yakhani ukuthula nami, niphumele ngaphandle kimi, nidle, yilowo nalowo emvinini wakhe, yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,
Wayesethi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.” UMose wafihla ubuso bakhe, ngokuba wayesaba ukubheka uNkulunkulu.
Olungileyo uyayinakekela impilo yesilwane sakhe, kepha isihe sezikhohlakali siwulunya.
Futhi awusingenisile ezweni elichichima ubisi noju, awukasiniki ifa lethu lamasimu nezivini; usuzama ukukhohlisa laba bantu na? Ngeke neze sikhuphuke.”
AmaFilisti ambamba, amkhipha amehlo, amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi. Wagwedla isigayo ejele.
Abantu baseJabheshi bathi: “Kusasa sizozinikela kini, nenze kithi konke okuyakuba kuhle emehlweni enu.”
“Kuthe lapho nibona uNahashi, inkosi yabakwa-Amoni, eza ukuzonihlasela, nathi kimi: ‘Qha, kepha nathi masibuswe yinkosi,’ naphezu kokuba uSimakade uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu.
UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”