UShimeyi, indodana kaGera, umBhenjamini waseBhahurimi, washesha wehla namadoda akwaJuda ukuyohlangabeza inkosi.
1 Samuweli 10:8 - IsiZulu 2020 “Uyohamba phambi kwami uye eGiligali, bheka ngizokuza kuwe ukuze nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula. Uyohlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike lapho ukhona, ngikutshele oyakukwenza.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uyakwehla phambi kwami ukuya eGiligali; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike kuwe, ngikutshele oyakukwenza.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe wehlele phambi kwami eGiligali; bheka, ngiza kini ukunikela ngeminikelo yokushiswa nokuhlabela iminikelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa ngize ngifike kuwe, ngikutshele omelwe ukwenze. |
UShimeyi, indodana kaGera, umBhenjamini waseBhahurimi, washesha wehla namadoda akwaJuda ukuyohlangabeza inkosi.
Amanoni alo awathathe emnikelweni wokuthula, uyowanikela abe ngumnikelo womlilo kuSimakade: wonke umsila walo osikwe emgogodleni, amanoni emboze ezangaphakathi, nawo wonke amanoni aphezu kwezangaphakathi,
Abantu baliwela iJordani ngolweshumi enyangeni yokuqala, base bekanisa eGiligali empumalanga yomngcele eJerikho.
U-Israyeli wonke wezwa ukuthi uSawule ubhubhise impi yamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu baqoqana ukuba balandele uSawule, baye eGiligali.
USamuweli wathi: “Njengalokhu inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana njengabanye.” USamuweli wayesemhlahlela u-Agagi phambi kukaSimakade, eGiligali.