UNkulunkulu waba naye umfana, wakhula, wahlala ehlane ePharanu, waba yingcweti ngomcibisholo.
1 Samuweli 10:7 - IsiZulu 2020 Kuyakuthi lapho zonke lezo zinto usuzibonile, uyokwenza konke isandla sakho esikufumanayo, ngokuba uNkulunkulu unawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuthi lapho lezo zibonakaliso sezifikile kuwe, wenze esikufumanayo isandla sakho, ngokuba uNkulunkulu unawe. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi makuthi, lapho lezi zibonakaliso zifika kuwe, uzisebenze njengethuba; ngoba uNkulunkulu unawe. |
UNkulunkulu waba naye umfana, wakhula, wahlala ehlane ePharanu, waba yingcweti ngomcibisholo.
UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uSimakade unawe.”
“Uma bengakukholwa, noma bengasishayi mkhuba isibonakaliso sakho sokuqala, bayosikholwa esilandelayo.
Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.
“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”
Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”
Lokhu kuyisibonakaliso kini: Niyakufumana umntwana esongiwe, elele emkhombeni.”
Kwathi abantu bebona isibonakaliso asenzileyo, bathi: “Impela, lo nguMphrofethi ozayo emhlabeni.”
“Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe.
Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”
Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.
Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”
Ingelosi kaSimakade yabonakala kuye, yathi: “USimakade unawe, qhawe elinamandla.”
Kuyothi ekuseni, lapho kuphuma ilanga, nivuke niphuthume emzini lapho yena namabutho ahambisana nawo bephuma beyokulwa nawe, ubenzakalise ngendlela obona ngayo.”
“ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, uHofini noFinehasi; ngalusuku lunye, bayakufa bobabili.
USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba.