USimakade wamhambela uSara njengoba ayekade eshilo, wamenzela lokho ayemethembise khona.
1 Samuweli 1:19 - IsiZulu 2020 Bavuka ekuseni kakhulu bakhuleka phambi kukaSimakade, base bebuyela emuva endlini yabo eRama. U-Elikhana walala nomkakhe, uSimakade wamkhumbula uHana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula. Contemporary Zulu Bible 2024 Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika emzini wabo eRama; u-Elkana wamvuma uHana umkakhe; uJehova wamkhumbula. |
USimakade wamhambela uSara njengoba ayekade eshilo, wamenzela lokho ayemethembise khona.
UNkulunkulu wamkhumbula noRaheli, wawuphendula umkhuleko wakhe, wasivula isibeletho sakhe.
U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.”
UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.
Kepha owesifazane wakhulelwa, wazala indodana ngaleso sikhathi ngonyaka olandelayo njengoba u-Elisha ayeshilo kuye.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!
Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.
Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona.
Kwakukhona umuntu othile eRamathayimi Zofimu kwelezintaba kwa-Efrayimi, igama lakhe kungu-Elikhana, indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaZufi, wakwa-Efrayimi.
Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”
USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela emzini wakhe eGibheya likaSawule.
USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.
UDavide wabaleka, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama. Wambikela konke uSawule ayekwenze kuye. Yena noSamuweli bahamba bayohlala eNayothi.
U-Elikhana waphindela eRama, endlini yakhe. Umntwana wakhonza uSimakade phansi kweso lika-Eli.
USamuweli wafa; u-Israyeli wonke wahlangana, wamlilela, wawusummbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wayesesuka, ehlela ehlane ePharanu.
USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.
Bavuka ekuseni kuseluvindi, uSamuweli wambiza uSawule ophahleni lwendlu, wathi kuye: “Vuka khona ngizokumukisa.” Wavuka-ke uSawule. Baphuma bobabili baya phandle, uSamuweli noSawule.