Zonke izilwane eziphilayo, ziyokuba ngukudla kwenu, njengoba nganinika imifino, sengininika konke.
1 kuThimothewu 4:3 - IsiZulu 2020 Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso. Baasraak Zulu New Testament Bible Benqabela ukuganana, belaya ukuthi bayeke ukudla, uNkulunkulu akudalela ukuthi kwemukelwe ngokubonga yilabo abakholwayo labalaziyo iqiniso. Contemporary Zulu Bible 2024 Benqabela ukuganana, belaya ukuthi bayeke ukudla, uNkulunkulu akudalela ukuthi kwemukelwe ngokubonga yilabo abakholwayo labalaziyo iqiniso. |
Zonke izilwane eziphilayo, ziyokuba ngukudla kwenu, njengoba nganinika imifino, sengininika konke.
Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.
Ayiyukubanaka onkulunkulu boyise. Ayiyukubanaka nabafiswa yisifazane kanjalo ayiyukunaka nankulunkulu mumbe, ngokuba iyakuzikhukhumeza phezu kwabo bonke.
Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wakubusisa, wakuhlephula, wakunika abafundi, baphakela izixuku.
Akusikho okungena emlonyeni okumngcolisayo umuntu, kodwa yilokho okuphuma emlonyeni okumngcolisayo umuntu.”
wathatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, bona baphakela izixuku.
Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona.
Kwafika ezinye izikebhe zivela eThibheriya zema eduze nendawo lapho babedle khona isinkwa emuva kokuba iNkosi isibongile.
Esekushilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.
Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;
Odlayo makangamdeleli ongadliyo, ngokunjalo nongadliyo makangamehluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu.
Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla, kodwa uNkulunkulu uyakushabalalisa kokubili. Umzimba akusiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba.
Kepha uma uganwa, awenzi sono, nentombi uma igana ayoni, kodwa abanjalo bayakuba nosizi enyameni, kepha mina ngiyaniphephisa.
Ukudla akusisondezi kuNkulunkulu, ngokuba uma singadli, asilahlekelwa yilutho, noma sidla, asizuzi lutho.
Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha,
Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akukho nakunye okumele kulahlwe, uma kwamukelwa ngokubonga,
Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.
Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.
Lapho ningena nje emzini niyomfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba nabantu abayukudla engakafiki, ngoba nguye obusisa umhlatshelo andukuba abamenyiweyo badle. Khuphukani khona manje, nizomthola ngalesi sikhathi.”