Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.
1 kaPetru 4:5 - IsiZulu 2020 Kepha bayakuziphendulela kulowo olungele ukwehlulela abaphilayo nabafileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE bayakuziphendulela kulowo olungele ukwahlulela abahambayo nabafileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible abayakulandisa kuye olungele ukwahlulela abaphilayo nabafileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 abayakulandisa kuye olungele ukwahlulela abaphilayo nabafileyo. |
Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.
Ngokuba uNkulunkulu uyoyisa yonke imisebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izimfihlo, noma ngabe zinhle noma zimbi.
“Ngakho-ke ngiyakunehlulela nina ndlu ka-Israyeli, yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, kusho iNkosi uSimakade. Buyani, phendukani, eziphambekweni zenu zonke, ukuze ububi bungabi yisikhubekiso kini.
Kepha ngithi kini: amazwi wonke ayize akhulunywa ngabantu, bayakulanda ngawo ngomhla wokwehlulelwa.
Wayibiza wathi kuyo: ‘Yini le engiyizwayo ngawe na? Ngilandise ngobunceku bakho, ngokuba ngeke usaqhubeka ukuba yinduna.’
Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.
ngokuba umisile usuku azakwehlulela ngalo izwe ngokulunga, ngomuntu ammisele khona, lapho enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”
Ngenxa yalokho uKhristu wafa, wabuye waphila ukuze abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.
Ngiyakuyala ngokweqiniso phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu oyakwehlulela abaphilayo nabafileyo, ngokubonakala kwakhe nangombuso wakhe, ngithi:
Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.