njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
1 kaPetru 4:10 - IsiZulu 2020 Yilowo nalowo ngokwesipho asemukelisiwe, makakhonze abanye njengezinceku ezinhle zomusa kaNkulunkulu owehlukahlukene. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu; Baasraak Zulu New Testament Bible njengalokho yilowo nalowo isipho asamukeleyo, khonzanani ngaso njengabaphathi abalungileyo bomusa omkhulu kaNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Njengalokho yilowo nalowo isipho asamukeleyo, khonzanani ngaso njengabaphathi abalungileyo bomusa omkhulu kaNkulunkulu. |
njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike umhla wokuphela.
Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona.
“Pho ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyibeke ukuba yengamele abendlu yayo, ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?
“Bayakuphendula-ke nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usejele, sangakusiza na?’
Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
INkosi yaphendula yathi: “Iyiphi inceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyakuyibeka ukuba yengamele abendlu yayo, ibabele isabelo sokudla ngesikhathi esifaneleyo na?
Wabiza izinceku zakhe ezilishumi, wazinika uhlamvu lwemali ngayinye, wathi kuzo: ‘Hwebani ngazo ngize ngibuye.’
uJowana umkaKhuza, induna kaHerodi, uSusana, nabanye abaningi ababebalekelela ngalokho ababenakho.
Lokho kwabajabulisa; phela kwakudingekile ngempela ukuba benze kanjalo. Ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, nabo kufanele ukuba babakhonze ngezinto eziphathekayo.
Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.
Ngokomusa kaNkulunkulu engiphiwe wona, njengengcweti yomakhi, ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha makube yilowo nalowo aqaphelisise ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.
Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na?
Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,
Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.
NguYena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaphrofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,
Sengathi iNkosi ingamenza athole ububele ngalolo lusuku. Wena ukwazi kahle konke angenzela khona e-Efesu.
Ngokuba kubalulekile ukuba umphathi abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, angabi ngoziqhenyayo, oshesha ukuthukuthela, oyinkolotshe, oyisidlova, ohahela inzuzo embi.
Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.
NgoSilvanu, umzalwane othembekile kithi, nginibhalele ngamafuphi ukunikhuthaza, nokufakaza ukuthi yiwo ngokwempela umusa kaNkulunkulu enimi kuwo.