Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi.
1 kaPetru 4:1 - IsiZulu 2020 Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo; |
Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi.
Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwehlulele phambi kwabesifazane abaningi. Ngiyakukwenza ukuba uyeke ukufeba, ungabe usakhokhela muntu.
Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu.
Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
Ngalokho uyolalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”
Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali nidangale emiphefumulweni yenu.
Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uyaphumula emisebenzini yakhe njengalokhu uNkulunkulu aphumula kweyakhe.
Nabizelwa khona lokho, ngokuba uKhristu wahlushwa ngenxa yenu, wanishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.
UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.