Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.
1 kaPetru 3:18 - IsiZulu 2020 UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya; |
Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.
Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”
Kuthe uPilatu esebona ukuthi akukho angakwenza, futhi sekuqala isiyaluyalu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”
“Wayesethi: ‘UNkulunkulu wokhokho wakumisela phambilini ukuba uyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe.
kodwa ebizwe ngeNdodana kaNkulunkulu ngamandla ngokoMoya wobungcwele nangokuvuka kwabafileyo, uJesu Khristu iNkosi yethu,
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu.
Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni,
kungesikho ukuthi sinethwesa imithwalo ngenxa yokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi ezibambisene nani ekujabuleni kwenu, ngokuba nimile ekukholweni.
Ngokuba wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, kodwa uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha lapho sibhekene nani, sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu.
Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
owazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asisindise kulesi sikhathi samanje esibi ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu.
UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.
Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Khristu, kwaba kanye kuphela.
kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
Kungenjalo wayemelwe ukuhlupheka ngokuphindiweyo selokhu kwasekelwa umhlaba, kepha manje ubonakaliswe kwaba kanye ekupheleleni kwezikhathi, ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.
kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.
Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona,
Ngenxa yalokho-ke, ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuba bahlulelwe ngokwabantu emzimbeni, kodwa baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.
Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.