Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.
1 kaPetru 3:11 - IsiZulu 2020 Akugweme okubi, enze okuhle, afune ukuthula, akuphokophelele, IBHAYIBHELI ELINGCWELE adede ebubini, enze okuhle, afune ukuthula, akujonge, Baasraak Zulu New Testament Bible Makagweme okubi, enze okuhle; makafune ukuthula, akulandele. Contemporary Zulu Bible 2024 Makagweme okubi, enze okuhle; makafune ukuthula, akulandele. |
Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.
Wayesethi uSimakade kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele yini inceku yami uJobe na? Akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu, ogwema okubi, osabambelele ebumsulweni bakhe noma ungibelesela ukuba ngimelane naye, ngimbhubhise engenacala.”
Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.
ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.
ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’
Abampofu niyohlala ninabo njalo; ningabenzela okuhle noma nini uma nithanda, kodwa Mina aninami njalo.
ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitshelekise ningalindele kubuyiselwa, uma nenze kanjalo uyakuba mkhulu umvuzo wenu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba Yena umnene kwabangabongiyo nababi.
UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe yini ukwenza okuhle noma okubi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala na?”
Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;
Ngakho-ke lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu,
Okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo, yikho kanye engikwenzayo.
Ngalokho ngithola ukuthi kunomthetho kimi, okuthi uma ngifuna ukwenza okuhle, okubi kube nami shaqa,
Ngokuba ukubeka ingqondo ezintweni zenyama kungukufa, kepha ukuyibeka ezintweni zikaMoya kungukuphila nokuthula.
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,
Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
Ukuthula kukaKhristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; yibani ngababongayo.
Bayale ukuba benze okuhle, bacebe ngokwenza imisebenzi emihle, baphane, futhi babelane.
Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.
Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo.
ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”
Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.