1 kaPetru 2:8 - IsiZulu 2020 netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa. Bayakhubeka ngokuba bengalilaleli izwi okuyikhona abakumiselweyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo; Baasraak Zulu New Testament Bible netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi. Contemporary Zulu Bible 2024 netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi. |
Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.
“Awuzwanga yini ukuthi lokhu ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakuceba ngezinsuku zakudala, lokhu engikwenzayo manje ukucekela phansi imizi ebiyelweyo, ibe yizindunduma zemvithi.
Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, lungisani indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”
Uyakuba yisiphephelo, futhi abe yitshe lokuqhuzuka, nedwala lokukhubekisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli; abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.
USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –
Uma uNkulunkulu ebethanda ukubonakalisa ulaka lwakhe nokuveza amandla akhe, ababekezelela labo ababemiselwe ulaka lwakhe, ukuba babhujiswe,
Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe.
Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na?
Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, pho ngizingelelwani na? Ukuba bekunjalo ngabe sisusiwe isikhubekiso sesiphambano.
ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Khristu,
Ngokuba umbhalo, uthi: “Ngibeka eZiyoni itshe legumbi elikhethekileyo, eliyigugu. Okholwa kuye akasoze ajabhiswa.”
Ngakho-ke kini enikholwayo liyigugu, kodwa kwabangakholwayo; itshe abalinqabayo abakhi, yilo elaba yinhloko yegumbi,
futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.
Ngokuba abathile sebengene isinyenyela phakathi kwenu, okwalotshwa ngabo phambilini ukuthi bamiselwe ukubhujiswa njengabangalungile. Bahlanekezela umusa kaNkulunkulu wethu, bawenze ube yizaba zokwenza amanyala, beyiphika iNkosi yethu uJesu Khristu okunguYena kuphela uMbusi.