Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 5:11 - IsiZulu 2020

11 Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, pho ngizingelelwani na? Ukuba bekunjalo ngabe sisusiwe isikhubekiso sesiphambano.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisazingelelwani na? Ngabe siphelile isikhubekiso sesiphambano.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisashushiselwani na? khona-ke icala lesiphambano liphelile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisashushiselwani na? khona-ke icala lesiphambano liphelile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 5:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyakuba yisiphephelo, futhi abe yitshe lokuqhuzuka, nedwala lokukhubekisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli; abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.


UPawula wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekulezo zindawo, ngokuba bonke babazi ukuthi uyise ungumGriki.


Babikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda, abaphakathi kwabezizwe, ukuhlubuka kuMose, uthi mabangabasoki abantwana babo, futhi bangawagcini amasiko.


bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani! Nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi ufike namaGriki wawangenisa ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.”


Ngokuba izwi lesiphambano lingubuwula kwababhubhayo, kodwa kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.


Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe.


Thina-ke sizibekelani engcupheni umzuzu nomzuzu na?


Kepha ngisho uThithu esasihamba naye engumGriki, akaphoqwanga ukuba asoke.


Maye ziwula zamaGalathiya! Niluthwe ngubani nina enachazelwa ngoJesu Khristu ebethelwe esiphambanweni, kwaba sengathi nimbona ngamehlo na?


Njengalokhu owayezelwe ngokwenyama wamhlupha owayezelwe ngokukaMoya, kusenjalo namanje.


Yilabo abafuna ukuzibonakalisa enyameni, abaniphoqa ukuba nisoke kuphela nje, ukuze bangazingelwa ngenxa yesiphambano sikaKhristu.


Kusukela manje, mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngithwele emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka