Ngalolo lusuku uSimakade Wamabandla uyoba ngumqhele wobukhosi, nesicoco esihle ensalini yabantu bakhe.
1 kaPetru 2:7 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke kini enikholwayo liyigugu, kodwa kwabangakholwayo; itshe abalinqabayo abakhi, yilo elaba yinhloko yegumbi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi; |
Ngalolo lusuku uSimakade Wamabandla uyoba ngumqhele wobukhosi, nesicoco esihle ensalini yabantu bakhe.
“Ngiyakunyakazisa zonke izizwe, kufike okuyigugu kwazo zonke izizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,” kusho uSimakade Wamabandla.
“Ungubani-ke wena ntaba enkulu na? Phambi kukaZerubhabhele uyakuba yithafa. Uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza athi: ‘Umusa, umusa, mawube kulo!’ ”
UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi. Lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?
USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –
UJesu wababheka, wayesethi: “Pho kuyini lokhu okulotshiweyo ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi, lona laba yinhloko yegumbi’ na?
Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngenxa yokuba sitshelwe nguwe, kodwa sesizizwele ngokwethu, sesiyazi ukuthi lo impela unguMsindisi wezwe.”
Kepha ku-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulela izandla zami esizweni esingalaleliyo nesiphikisayo.”
ukuze ngiphephe engozini kulabo abangakholwayo baseJudiya nokuba inkonzo yami eJerusalema yamukeleke kwabangcwele,
Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na?
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.
Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga nalabo ababengalalelanga, ngokuba wemukela izinhloli ngokuthula.
Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli.
enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,
Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu.
netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa. Bayakhubeka ngokuba bengalilaleli izwi okuyikhona abakumiselweyo.