Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.
1 kaPetru 2:19 - IsiZulu 2020 Ngokuba lokhu kuyabongeka uma umuntu, ngenxa kanembeza, ngokuyintando kaNkulunkulu, ethwala izinsizi noma ehlushwa ngokungafanele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kuyabongeka lokho, uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele. |
Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.
Mazingajabuli ngami izitha zami eziphafuza amanga ngami, nalabo abangizondela ize bacife amehlo.
Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.
“Uma nithanda abanithandayo, niyakutuswa ngani na? Ngokuba nezoni ziyabathanda abazithandayo.
Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.
Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.
Ngakho-ke kudingekile ukuwuthobela, hhayi nje ngenxa yolaka, kodwa nangenxa kanembeza.
Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.
Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
Kepha manje siyanazisa bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakhedoniya,
okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.
Uma-ke kwakungenjalo, ngabe ayiyekwanga yini ukunikelwa, ngoba abakhonzayo sebehlanjululiwe kwaba kanye, bengasayukuba nakho ukukhumbula isono na?
Kunamvuzo muni ukubekezela lapho nishayelwa enikonileyo na? Kepha uma nibekezela lapho nihlushwa nibe nenze okuhle, lokho kuyancomeka kuNkulunkulu.
Makungabi bikho namunye kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma eyisigilamkhumba, noma engozigaxa ezindabeni zabanye.