1 kaPetru 1:6 - IsiZulu 2020 enithokoza kakhulu ngalokho, nakuba manje nidatshukiswa yizilingo ezinhlobonhlobo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, Baasraak Zulu New Testament Bible elithokoza kakhulu ngakho, lanxa khathesi, uba kudingekile, seliselusizini ngezilingo ngezilingo; Contemporary Zulu Bible 2024 Elithokoza kakhulu ngakho, lanxa khathesi, uba kudingekile, seliselusizini ngezilingo ngezilingo; |
Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa.
Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”
Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.
ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.
Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.
ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.
Jabulani, nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaphrofethi abanenduleleyo.”
Nokho ningathokozi ngalokhu ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulelani ukuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”
Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke,
Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu.
“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”
Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu, esamukeliswe ngayo ukubuyisana.
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu.
Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.
njengabadabukileyo, kodwa sithokoza njalo, njengabampofu, kepha sibe sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,
Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula.
Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni,
Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,
Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela,
Yibani lusizi, nibubule, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukububula, nokujabula kube ngukujabha.
Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma lokho kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngokwenza okubi.
Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.
UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile.