Abakhe kuyo babe namandla amancane, besaba, bajabha; baba njengotshani basendle, nembali notshani obuluhlaza, nokuluhlaza ophahleni lwezindlu, nokusanhlamvu okuhamukile kungakakhuli.
1 kaPetru 1:24 - IsiZulu 2020 ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba, “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka; |
Abakhe kuyo babe namandla amancane, besaba, bajabha; baba njengotshani basendle, nembali notshani obuluhlaza, nokuluhlaza ophahleni lwezindlu, nokusanhlamvu okuhamukile kungakakhuli.
Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni.
“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
Ubakhukhula njengesikhukhula; banjengobuthongo, nanjengotshani obuhluma ekuseni.
Ngisho izikhohlakali zingahluma njengotshani, nabo bonke abenza okubi baqhakaze, bayobhubha ingunaphakade.
“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?
Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?
Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.
Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.