Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 kaPetru 1:24 - IsiZulu 2020

ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ngokuba, “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;

Uka jalj uñjjattʼäta



1 kaPetru 1:24
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abakhe kuyo babe namandla amancane, besaba, bajabha; baba njengotshani basendle, nembali notshani obuluhlaza, nokuluhlaza ophahleni lwezindlu, nokusanhlamvu okuhamukile kungakakhuli.


Uyaqhakaza njengembali, abuye abune, ubalekisa okwethunzi, akami ndawonye.


Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni.


Izinsuku zomuntu zinjengotshani; ukhahlela njengembali yasendle,


Mabafane notshani ophahleni, obubuna bungakakhuli.


ngokuba bazosishulwa masinyane njengotshani, babune njengemifino.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Ubakhukhula njengesikhukhula; banjengobuthongo, nanjengotshani obuhluma ekuseni.


Ngisho izikhohlakali zingahluma njengotshani, nabo bonke abenza okubi baqhakaze, bayobhubha ingunaphakade.


“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?


Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?


Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.


Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.