Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani.
UNumeri 9:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesethi uMose kubo: “Yimani, ngizwe ukuthi uJehova uyakuyala ngani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathi kuwo: “Yimani ukuba ngizwe ukuthi uJehova uyakuyalani ngani.” IsiZulu 2020 UMose wathi kubo: “Yimani, ukuze ngizwe ukuthi uSimakade uyakuyala athini ngani.” |
Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani.
Ngiyakuzwa lokho uNkulunkulu uJehova ayakukukhuluma, ngokuba uyakukhuluma ukuthula kubantu bakhe nakwabangcwele bakhe; kodwa kababuyele ebuwula.
UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi; yimani, nibone ukusindiswa kweNkosi ezonenzela khona namuhla; ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubabona kuze kube phakade.
Kumelwe ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bafuna ukuwezwa noma bayabayeka beme, ngoba bahlubuka kakhulu.
Ndodana yomuntu, ngakubeka umlindi wendlu ka-Israyeli; khona-ke yizwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ubaxwayise ngokusuka kimi.
Lawo madoda athi kuye: “Singcolisiwe ngesidumbu somuntu; sivinjelwani ukuba singanikeli umhlatshelo weNkosi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngesikhathi sayo esimisiweyo na?
Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile.
Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.
Ngoba mina ngemukele eNkosini, lokho lami enganinika khona, ukuthi iNkosi uJesu ngalobobusuku eyanikelwa ngabo yathatha isinkwa;
Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.