Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 9:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kwakunjalo ngaso sonke isikhathi: ifu lalisibekela emini kanye nomlilo ebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwakunjalo ngesikhathi sonke: ifu lalisibekela, kwabonakala umlilo ebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kwakuhlala kunjalo, ifu lalilisibekela, kubonakale umlilo ebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 9:16
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Kepha awubashiyanga ngobuningi bobubele bakho ehlane; insika yefu ayizange isuke kubo emini ukubaqondisa endleleni; nensika yomlilo ebusuku ukubabonisa ukukhanya nendlela okufanele bahambe ngayo.


Wendlala ifu njengesembozo; nomlilo wokukhanyisa ebusuku.


Wabahola ngefu emini, nangokukhanya komlilo ubusuku bonke.


Ifu lasibekela itende lokuhlangana, inkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.


Ngoba ifu leNkosi laliphezu kwethabhanekele emini, lomlilo wawuphezu kwalo ebusuku phambi kwamehlo ayo yonke indlu kaIsrayeli ezinkambeni zabo zonke.


Phezu kwalokho, bazalwane, angithandi ukuba ningazi, ukuthi obaba bonke babephansi kwefu, badabula ulwandle bonke;


okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana.


owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo yokumisa amatende enu, emlilweni ebusuku, ukuze anibonise indlela eniyakuhamba ngayo, nangefu emini.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.