Owesilisa ongasokile, ijwabu lakhe elingasokanga, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo; wephule isivumelwano sami.
UNumeri 9:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambweni, edelele ukugubha iphasika, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwabantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomhlatshelo weNkosi ngesikhathi esimisiweyo, lowo muntu uyakuwukhokha. Isono sakhe sigqoka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe. IsiZulu 2020 Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza. |
Owesilisa ongasokile, ijwabu lakhe elingasokanga, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo; wephule isivumelwano sami.
Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo; ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu; ngoba wonke odla isinkwa esivutshelweyo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa, lowomphefumulo uzaqunywa kwaIsrayeli.
Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholwa mvubelo ezindlini zenu; ngokuba yilowo nalowo odla okuvutshelweyo uyakunqunywa ebandleni lika-Israyeli, noma engowezizwe noma engowokuzalwa ezweni.
Loba ngubani obutha into enjengale kumbe obeka enye yazo kowezizweni, kumele axotshwe ebantwini bakibo.
Bayakuniphindisela ngamahlazo enu, nithwale izono zezithombe zenu; nizokwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
Futhi wonke umuntu wendlu ka-Israyeli noma kubafokazi abagogobeleyo phakathi kwenu, abadla noma yiliphi igazi; ngizamisa ubuso bami bumelane lomphefumulo odla igazi, ngiwuqume phakathi kwabantu bakibo.
ungayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukuze unikele ngomnikelo kuJehova phambi kwetende leNkosi; igazi kufanele libalelwe kulowo muntu; wachitha igazi; lowomuntu uyakunqunywa phakathi kwabantu bakubo.
Uma indoda ilala nomkayisekazi, yambulile ihlazo likayisekazi; kufanele bathwale isono sabo; bayofa bengenamntwana.
Kumelwe bagcine izimiso zami, ukuze bangathwali isono futhi ngenxa yalokho bafe uma besingcolisa; mina, Jehova, ngiyabangcwelisa.
Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo othuka uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.
Yilowo nalowo othinta isidumbu sofileyo, angaziphothuli, ungcolisa itabernakele likaJehova; lowo mphefumulo kumelwe unqunywe kwa-Israyeli; ngokuba amanzi okuphothula engafafazwanga phezu kwakhe, uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kusephezu kwakhe.
Kepha umuntu ongcolile, angaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa ebandleni, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuhlukanisa awafafazwanga phezu kwakhe; ungcolile.
Khona-ke indoda iyakuba msulwa ebubini, futhi lona wesifazane uyothwala ububi bakhe.
Lawo madoda athi kuye: “Singcolisiwe ngesidumbu somuntu; sivinjelwani ukuba singanikeli umhlatshelo weNkosi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngesikhathi sayo esimisiweyo na?
Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;
Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;
Uma behlubuka, babuye bavuselelwe ekuphendukeni; njengoba sebezibethela kabusha iNdodana kaNkulunkulu, futhi bayithela ngehlazo obala.
Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.