Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 8:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba ngawami onke amazibulo abantwana bakwa-Israyeli, abantu nawezilwane; mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngawangcwelisela kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane; mhla ngishaya amazibulo onke ezweni laseGibithe ngazingcwelisela wona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 8:17
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wanqoba wonke amazibulo ezweni labo, ababusi bamandla abo onke.


Owashaya amazibulo aseGibithe, awabantu nawezilwane;


Wanqoba wonke amazibulo eGibithe; inhloko yamandla abo ematendeni kaHamu;


Futhi kwenzeka ukuthi phakathi kwamabili iNkosi yashaya wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, kuya kwizibulo lesiboshwa esasisetilongweni; nawo onke amazibulo ezinkomo.


Ngingcwelisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo sikanina phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abantu nezinkomo; ngeyami.


Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana ne-altare; Futhi ngizongcwelisa u-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


Futhi ngabanika amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


Izibulo lezilwane kuphela, eliyakuba yizibulo likaJehova, akukho muntu ongalingcwelisa; noma kuyinkomo noma yimvu, kungokukaJehova.


Ngoba wonke amazibulo angawami; ngokuba mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngazingcwelisela kimi onke amazibulo akwa-Israyeli, abantu nawezilwane; bayakuba ngabami; nginguJehova.


Ngathatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli.


(njengokulotshiweyo emthethweni weNkosi ukuthi: Wonke owesilisa ovula isizalo uyakuthiwa ungcwele eNkosini;)


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya yomusa?


Ngokukholwa wenza iPhasika nokufafazwa kwegazi, ukuze obhubhisa amazibulo angawathinti.


Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe uhlobo lolibo lwezidalwa zakhe.