Ngingcwelisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo sikanina phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abantu nezinkomo; ngeyami.
UNumeri 8:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba baphiwa mina impela phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni salabo abavula zonke izizalo zikanina, esikhundleni samazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngabathatha bona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba mina nginikiwe wona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni sakho konke okuvula isizalo, amazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngizithabathele wona. IsiZulu 2020 Banikelwe kimi bevela phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, ngizithathele bona ukuba babe ngabami. |
Ngingcwelisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo sikanina phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abantu nezinkomo; ngeyami.
Mina-ke, bheka, ngawathatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ngalokho amaLevi ayakuba ngawami;
Ngoba wonke amazibulo angawami; ngokuba mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngazingcwelisela kimi onke amazibulo akwa-Israyeli, abantu nawezilwane; bayakuba ngabami; nginguJehova.
Thatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo; amaLevi ayakuba ngawami. Mina nginguJehova.
AmaLevi uyakuwanika u-Aroni namadodana akhe; baphiwa kuye besuka phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.